Mbewu enhle
Mbewu enothile ngoba inokuthile
Mbewu yezithelo zezithelo zemibala ngemibala emihle
Mbewu eqhakaza kujabule abakude
Mbewu yethemba ebuyisa nethemba sebesikhathazile

Uyimbewu enhle eqhakaza kuqhakaze konke
Eqhakaza konke okuqhakazisa umhlaba ube muhle
Umhlaba uyahlaba ngokusihlaba thina esiqhakazile
Sibekwe emuva senziwa iziqila zemicabango yethu sikhohlisene
Sikhohliswe esibathembayo salibeka ithemba balithatha badlala ngalo
Sibathembile kuthi bayasimela emazweni kanti bazimele bona
Bame ngezinyawo zabo zombili besikhohlisa nathi sakholwa

Sakholwa konke sangahlola konke
Nihlole nemimoya nihlole konke
Kunendlela ebukeka iyinhle kanti akunjalo
Ihamba hamba ibe yimbi kodwa kuthiwe inhle
Ikhiwane elihle lihlalwa okubi
Ikhiwane elihle libi lilihle libuswa okubi

Sibabi sibahle ngokubi kwabo thina sisebumnyameni
Sivalelwe emnyango sathemba kodwa
Idlazana liyazi kwenzekani thina sithule sibona
Kuyonakala nokonakala konakele ezweni amahlazo afihliwe aze ambulwa
Isikhathi sesihambile kugcwele okubi kithi lobububi abusenzi bahle
Sibabi vele kodwa okubi kukithi okuhle kukubo
Benza okubi kithi basishiye nokubi kuthi okuhle kuye kubo
Nokubongwa okwabo
Nodumo olwabo
Sikhohlisekile saze sazikhohlwa
Silahlekile kwingaphakathi kithi omunye nomunye uzilwela okwakhe
Uzicabangela okwakhe, uzidlela okwakhe

Kuyikwamazenzela mazibonela konakele
Akekho ofuna kulungisa ikusasa wonke uthi naye ozayo uyozibonela
Sisele emuva ngenxa yomazicabangela becabengela ezabo izisu
Becabangela elabo ikusasa
Kanti izandla ziyagezana
Kanti impilo ithatha ophansi imubeke phezulu

Sebefakana ngokwazana babuye bagwazelane
Kube nesidididi sokwenza kube kungathi inkunzi ihlatshiwe
Kanti ayinuki ingosiwe benza amadili bedlala umasicashelane
Kudlalwa ngabantu nezithembiso seziphenduke iziqalekiso
Nezibusiso abasazitholi konakele akasekho nonakekelayo
Konakele kwaze konakala nala kungenakwe khona
Konakele konakala nabathenjiwe bakhona

Abagcotshiweyo bakhona baphenduka izimpisi
Kwenzenjani emhlabeni?
Konakelephi kungephenduli namuntu?
Kuyikwamazibonele kodwa benza izibonelo
Izibonelo zani zibondiwe zonke ebhodweni zaphekwa

Zingavushiwe zakhishwa
Zikhishwa nje kusabukiwe
Kusanamathembana oshintsho
Ushintsho luyinkondlo abanye abazoya kwagoqanyawo bengabonanga
Kuwumaphicwaphicwana umdlalo wakhona
Kuwukhuluma uziphikisa umemeze

Uthathe isijumbana ubuye umemeze
Unembeza awusanembi noma sebeza
Sebeza ngezithembiso besebenza
Nensebenzo engapheliyo eshintsha izikhundla
Insebenzo yokuzisebenzela okwakho nelakho ikhaya

Iphakethe lakho nabakho abasekhaya
Ngisebenza okomsebenzi ngensebenzo yomphakathi
Udumo lwawo luya kwami
Kawami amaqoma