Awu Mbali ngempela uyashiya
Uthando lwami ulishaya indiva
Nginawe bengindizela phezulu kuhle okwendiza
Ngawe bengishaya isifuba
Ngingenandaba nabasidlela umona

Namanje angikakholwa ngiyabona nakhu umuntu ezophenduka umsolwa
Ngokunikeza inhliziyo yami ngisele sengiyasola
Ngizokhalela bani
Ngoba uzenzile akakhalelwa kukhalelwa uzumekile
Ngiyazama ukuziqinisa kodwa imikhizo iyazwela ejazini

Lekelelani
Nakhu umhlaba ujikela obaqwe
Bengekuthembise izulu nomhlaba bezonika osenhliziyweni
Inhliziyo iyisilima ifuna lo oyikhubazayo
Imizamo yami ibiyize nothando lwakho lunganoni njengomhlaba
Hhayi hamba juba

Sengize ngavuma
Lokhu kubekezela akusoze kwazala impumelelo
Kodwa kuyozala isigqila sothando