Mbali yami eqhakaza ebusika nehlobo
Mbali yami ehlezi ikhazimula kuhle kwezikanyezi ebusuku
Uwena kuphela oletha intokozo enhlizweni yami nenjabulo empilweni yami
Mbali yami engabuni noma izinkinga sezikuficile kodwa wena uhlezi uqhakazile

Ngaphandle kwakho mbali yami angiphelele la emhlabeni angilutho ngaphandle kwakho
Uma kuke kwenzeka kwaze kwagcina kuphele usuku ngingakubonanga mbali yami ngizwa Kahle ukuthi sengathi kukhona okushodayo empilweni yami
Kahle la emhlabeni ngiphilela wena mbali yami
Kahle la emhlabeni ngiphefumula owakho umphefumulo mbali yami
Noma ngisusa unyawo ngilubeka ngilususela wena ngilubekela wena mbali yami
Ngiyafunga ngiyagomela mhla uNkulunkulu ekudala wayedala inkanyezi ezokhanyisa Emhlabeni imbali yoqobo ezohlobisa emhlabeni wakhe
Kusho ukuthi kahle nami kumele ngiyigcine ikhazimula
Leso isithembiso sami phambi kwakho
Ukuthi ngiyokuphatha kahle mbali yami