Mamthembu aziweli phansi
Uzalile,wondla,wakhulisa.
Wahlwanyela,wachelela,wahlakula.
Uthembile,wathenjiswa, wathemba.
Wabona kwazwela wakhala.

Abafana bakwa Democracy,
Bayibonile iqhakaza bayisiphula.
Bayisiphula ngaphandle kwesivumelwano.
Maqena yabuna
Ukuyinakelela kubahlulile,
Ngoba bekwe yakho.

Ihlobo ithemba elisele.
Ukunetha nokubalela
Kuzoyivusa.
Iphinde ichelelwe.
Izithembiso zakho zifezeke.
Izinyembezi zakho zisulwe.

Qanda chofoka
Menzi wamaphutha,
Kuphinde kuvunwe wena.
Mjikeli wabakuvunayo.
Izono zakho zithwalwa abanye.

Umhlaba usentende yesakho.
Okuhle nokubi awukwazi.
Inhlonipho abakhwekazi.
Injabulo yakho,
Isezinyembezini zabanye.

Abazali bakuthandile
Abazal’ bavunile.
Umhlaba ukuzondile.
Ukuqhamuka kwakho bafela amathe.
Bahlanganisa amakhanda.

Wesatshwa njengenyoka.
Usuphenduke isitha kwabakuzalayo
Nabo sebekhala ubumayeyemaye.
Ithemba labo selikumdali,
Ngawe qanda chofoka wabo.