Ngiyabonga Mama ngokungikhulisa
Kwakungelula kwakulukhuni kodwa wabekezela waqinisela
Impilo yayinzima kuwe
Usebenza kanzima emajalidini nasemapulazini
Abelungu babekuthethisa okwengane encane
Bengakuniki isithunzi esikufanele
Kodwa waqhubeka nokubekezela
Isenti nesenti owawulithola wawucabangela thina
Wenza konke okusemandleni akho
Ukusinika ikusasa elinempumelelo
Wasithumela esikoleni ukuze sithole isipho semfundo
Wena ongalitholanga ithuba lokuyithola
Empilweni yami ube ngumzali omangalisayo
Waba nguMama waba nguBaba
Empilweni yakho uzwe ubuhlungu bokuthwala kanzima
Uhlakula ikusasa labantwana bakho
Uma ngicabanga ngawe
Ngicabanga ngoMama onothando, onobuhlakani nonakekelayo
Mama wami ozithobileyo ohloniphayo
Ngifunde lukhulu ngentobeko yakho
Ngafunda ukuthi kunezinto ezixazululwa zilungiswe ngokuthula
Usebenza kanzima ungakheth` msebenzi
Uyazibambela mathupha nasemisebenzini eyenziwa amadoda
Uyindoda ngemisebenzi nangobuqotho bakho!