Wahambela umhambela futhi
Wahamba ngithi uzobuya
Ngithi uzobuya uzosho imilolozelo
Bengithi uzobuya uzongithulisa
Unginike imfudumalo
Mama wangishiya ngiwusana kungakasi
Mama ukuphi? Uyobuya nje?
Wahamba ijuba likaNowa

Mama unzima lomhlaba owangishiya kuwo
Buya uzongipha iziyalo nemfundiso
Buya uzongipha ubuhlakani nobuchule
Ngilindile mama buya
Ungangilahlisi okwenyongo yenyathi
Ungangilibali ngiwusana lwakho
.
Mama ngizoyaphi lapho zigijimela konina
Zibika ubuthaka nedingo zazo
Zibalisa ngefiso zazo
Zithi mama ngiyacela
Ngizoyaphi njengoba ngaba yichwane lenyoka eliwumazibonela kanjani kodwa
.
Mama ukuphi? Uzobuya?
Uzobuya uzothi thula mntanami
Uzobuya uzongiduduza uthi konke kuyolunga
Uzobuya uzongitshela ukuthi uyangithanda
Mama ngingumntanakho
Ukuziphi izinkalo ngikufumane
Ukuliphi ilizwe ngikufumane
Ukuphi mama uyangihlaba lomhlaba