Mama eyakho indima uyidlalile waze wayiphothula
Manje usuyishiyela kwezami izandla zokuthi ngizidlalele
Mama ngibonga ngiyanconcoza izandla zedlula ikhanda
Wangikhulisa uwedwana
Wangenza umuntu ebantwini mama
Ngiyafunga ngiyagomela mama
Liyeza lelothuba lokhuthi udle izithelo owazitshalayo mama

Mama uyidlalile indima yakho
Eyakho indima mama igcwele izithelo zodwa
Oyozidla kuze kube ingunaphakade
Manje mama elami ithuba selifikile
Ithuba lokuthi ngidlale indima yami
Uvune owakutshala ukutshalela ikusasa lakho mama
Namuhla mama izithelo zikhithika kuhle kwamaqabunga ekhithizwa umoya
Mama akukho namunye ongadla izithelo ngezithukuthuku zakho
Uthando nemfundiso owanginika yona
Ibheke wena wedwa mama
Wangikhuthaza ngobheka mina ngedwa
Wangichelela ngothando lwakho wedwa

Mama uyidlalile indima yakho
Noma mama ayengekho amanzi ayenele ukuthi ungachelela leso sihlahla
Kodwa namuhla leso sihlahla sikukhithizela izithelo zempilo yakho yonke mama
Ngiyakucela Nkulunkulu ungamuthathi umama engakaziqedi izithelo zezithukuthuku zakhe

Mama uyidlalile indima yakho
Ngiyabonga kangiqede mama