Ukunithanda kwami bazali bami
Ikhona okwenza ngikhihle esika Nandi
Ngoba nakhu ningasekho nami
Nempilo nayo kayisemnandi

Sengaphenduka umhambume
Nginge sangoma esidla imbumba
Selokhu nangishiya kulomhlaba
Nempilo yami seyaphenduka inhlaba
Ngoba sengihlezi ngiphicwa ngenhlamba
Elandelwa ngamagama ehla ebaba
Ngoba nakhu ngingesenamvikeli ongubaba
Omane angaboni ukunyukubala angibambe ngesandla
Athi ungakhali konke kuzolunga bandla
Ngiyazi nathi injobo ithungelwa ebandla
Kodwa eyami seyavuleka izikhala
Kanye nenhliziyo yami seyaba nezibazi
Okuyiyona eyenza ngingabheki impilo ngeso elibanzi

Ngoba nonembeza sewavele wagcwala igazi
Sengihlezi ngibalisa ngathi ingane ithola uswazi
Ngiyazi nanethembile
Ukuthi ningishiye nomndeni
Kodwa kimi sewavesane waphelela emehlweni
Ngasale sengizinikela okhalweni
Ngoba ngisho nomalume abangifuni egcekeni
Bafisa sengathi angisekho nasemhlabeni
Kumina abasekho nasemicabangweni
Ngenxa yezinhlamba bezifika ezindlebeni
Ngiphathiswa okwenja egcekeni

Ngaze ngagcina ngilala emigwaqeni
Nokuya ngasethunjini ngikuthola emigqomeni
Ngenxa yamagama ayiziswana
Ngizwa kungani ngingayi kogana
Ngoba sengingumfazi othombile
Oselihlanganisile ishumi leminyaka neyisithupha ngaphezulu
Kwadingeka ngiyekele nesikole
Ngizama indlela yokuziphilisa
Ngoba eyokufunda bayayiphikisa

Ngaze ngathola nabangani
Abathi bazongiphilisa
Kanti bayangonisa
Ngokudayisa isitsha sikaNkulunkulu
Kanti kangazi kuseza okukhulu
Ngaze ngathola namagama amathathu
Ngenxa yesimo engangibhekene naso
Wanele wezwa lokho umalume
Wangizondela ukufa

Waze walibeka ngembaba
Elokuthi ngiyofa ngalesifo njengabazali bami
Yena akasafune lutho elizomhlanganisa nami
Yize ngangimtshela
Ukuthi ngiyohlala ngimthanda
Ngoba nguyena ebesengumzali kimi
Ngithi ngiyohlezi ngimthanda njalo
Yena umalume wami

Uma sengilahlwa nguye ngiyoba yini na?
Kodwa yena wakushaya indiva konke lokho
Ngizibuza ukuthi kanti yena ungenjani inhloko
Yomuzi ngoba enembi inhliziyo okungeyesihogo
Namhlanje ngilana emalibeni
Wenu bazali bami
Sizoxoxa yize ngihlwempu

Kodwa mama nino baba
Kungani ningavesane ningithathe?
Sengihlupheke senganele manje
Sengikhale zaze zoma akusekho okwedlula lokhu
Sengigqigqe kwanele manje
Sengibe yinhlekisa nasemphakathini
Ngayisinengiso nasemndenini
Sekulungile noma sekungenzeka noma yini

Oh Hhe! kwaze kwangenza ukuba intandane
Bazali bami uma ngishiywa yini
Ngiyokhala kubani na?
Ngiyozwiwa ngubani mina?
Kungcono ngivele nginilandele
Ngoba phela nami sengikhathele