Lala ngoxolo mama
Eyakho indima uyidlalile
Ngoba ngesakho isisu ungithwalile
Impilo ungiphile
Ngothando ungikhulisile
Inhlonipho ungifundisile
Indlela ungibonisile
Ngamazwi ungakhile
Amathemba unginikile
Ngawe ngiphilile
Bengikuhlupha ngikhala ubusuku nemini
Ihlobo nobusika
Manje eyakho imini seyifikile
UNkulunkulu esekuthathile
Sengisele ngedwa kulomhlaba
Wosizi nezinyembezi

Umama usedlulele kweliphakade
Izinsuku zakhe beseziphelile
Indlela yakhe ubeseyiqedile emhlabeni
Imisebenzi emihle ubeseyenzile
Umdali useyibizile imvu yakhe yasabela

Umama akasekho ngempela emhlabeni
Ungishiyile ngingalindele lutho
Wangishiya ngingazange ngivalelise kuye
Ngasala ngimangele ngidumele
Ngimumemezile akazange aphendule
Ngakhuluma naye kodwa akaphendulanga
Ngamnyakazisa akazange avuke
Kwacaca usethule unomphela

Icebo likaMdali selifezekile
Namhlanje umama ngiyombeka
Endlini yakhe yokugcina
Angisophinde ngibone isidumbu sakhe
Kodwa izithombe namazwi akhe
Iwona aseyoba isikhumbuzo sakhe

Lala ngoxolo mama
Sehlukene okwesikhashana nje
Nakwelizayo sisazobonana futhi
Njengoba wawungiyalile
Phela ngendlebe ungidonsile
Amaqiniso ungifundisile
Nempilo ungitshelile
Phela lokhu kufa inhliziyo kuyiphulile
Empeleni nawe usizumile
Kodwa intando yophezulu seyenzekile
Akusenani impilo yona kumele iqhubeke
Kodwa ngiyohlezi ngikuthanda mama wami
Akekho noyedwa oyothatha
Eyakho indawo empilweni yami