Konke bekubukeka kukuhle,
Bengingazi ukuthi lolusuku loze lufike,
Bengingakaze ngalucabanga empilweni yami,
Ukuthi ngilahlekelwe isiqandamathe sami.

Impela namanje akukholakali,
Ungathi ngisephusheni elizodlula ngokushesha,
Kimina ubeyikho konke,
Bengithi sohlukaniswa ukufa kuphela,
Kodwa maye ukungazi kufana nokungaboni.

Ukufika kwakhe empilweni
Kungenza ngashintsha ebengikhona,
Kanjalo futhi nokuhamba kwakhe,
Bonke ubuhle bami bushabalale kuhle
Kwamazolo ebona ilanga.

Bekufanele yini inhliziyo ibalise,
Kanti yini uthando emhlabeni,
Njalo siyakhala,siyabalisa kukhona uthando,
Ngithandile,ngifundile,ngibonile,
Kweyami impilo yokungazi!