Kwakungumngani wami lo!
Washintsha mngani wami ngokuphazima kweso nje?
Kwakumnandi sisakhulu
Nguwe ngempela lo osuwaba nje?
Usuwaphenduka isilwane esisatshwa ngisho abantu
Sebasaba ngisho ukuphambana nawe emgwaqeni
Basaba ngoba bazi kahle kamhlophe ukuthi kuzoba khona ukukhala nokugedla kwamazinyo

Kwakungumngani wami lo!
Angisayiphathi eyami sengasaba ngisho ukukukhomba
Ngitshengise abantu ukuthi kwakungumngani wami lo
Uyadela owaziyo ukuthi kazi aphelelaphi amaphupho akho mngani wami
Owawuhlezi ungixoxela ngawo okuthi uzoba uthisha
Sihleke kuze kuvele elomhlathi uma sizixoxela
Baqinisile uma bethi ukuhleka kuhambisana nezinyembezi
Nenjabulo ihambisana nendumalo

Kwakungu mngani wami lo!
Ikhona ukuba uThisha lokhu?
Kusho ukuthi kahle wena iyona indlela owawuyifisa le?
Kusho ukuthi mina wawungikhohlisa mawuthi uzoba uthisha?
Kusho ukuthi ikhona ukuba uthisha lokhu?
Usifundisani isizukulwane esizayo?
Leyo imibuzo yemicabango engizibuza yona uma ngingedwa
Kodwa ekugcineni ngingatholi mpendulo