Sibulawa ngokungenangqondo nsuku zonke!
Isizwe sifa ngomzuzu nsuku zonke!
Yini esingayenza?
Yini esingayiguqula?
Sisebumnyameni!
Asiphephile, ngisho nasemakhaya ethu!
Ukuhamba nje emgwaqeni ungowesifazane kuyicala elibomvu kwabesilisa!

Kufanele sibukeke ngandlela thize ngaphambi kokuba siphume esangweni!
Sophelelaphi na?
Sophephelaphi na?
Bantu besifazane siyafa!
Asiphephile!
Kungani na?

Sibulawa yilabo esithembele kubo!
Kungani na?
Sosizwa yini na?
Uthi uyakuthanda! Hawu! ngempela?
Ngokushiya izibazi ebusweni bakho!
Ngokushiya izibazi emzimbeni wakho!
Yilolo uthando na?
Uma kunjalo, angifuni ukuthandwa!

Siyabulawa!
Kungani na?
Siyadlwengulwa!
Kungani na?
Siyashiswa!
Kungani na?
Siyashaywa!
Kungani na?
Ngabe yini lena engaka esayenza!
Sale nisithethela bo!