Kunale sthombe esingichazayo

Sekuphele izinyanga okanye unyaka ngisasigcinile
Sihle ukundlula izithembiso zakhe aziphulile
Alishoni ilanga ngingasibukile
Noma sesahlukana kodwa ngisamkhumbulile
Zona ke izinyembezi zichithekile
Sengikhalela isikhathi sami engisichithile
Yebo! Isifundo ngisifundile

Kunale sthombe esingichazayo
Njalo mangivuka ngiyasibuka bese ngiyamcabanga
Engabe yena usangicabanga na?
Cha! Ukube usangithanda ngabe usasenami
Ngebhadi ngizimoshela isikhathi sami

Shona malanga nobuhlungu benhliziyo
Ithi gu gu gu inqondo yami iyamcabanga
Ngebhadi inhliziyo ipompa igazi
Kaze bangakhi asebakhohlisile?
Noma yimina kuphela ebengangithandile
Ngiyafunga ngiyagomela baningi kuye abathathekile
Loya muntu unothando lwenkohliso

Kune sthombe esingichazayo
Ngihluleka ngisho ukusifaka u-delete
singikhumbuza empilo emnandi ngothando
Ngothando sengaphosa ithawula
Awu la, kusazoshoba-ke
Ngikhumbula esengibambele eduze, ngaye ngizishaya isifuba
Angkhulumi mayelele kwesami isfuba, bekuke kube nombuzo owodwa
Engabe sibangakhi kuye?

Ubeke ehlekele phezulu engiqhathe nabazali
Bese kusele kancane bemazi
Phela bebegcina ngokumbona ngokucasha
Bayazibuza washonaphi?
Hawu! Wangigila wangilahla
Inkinga yakhe uthanda imali,
Imali iyona bengingenayo
Okuncanyana benginakho bengikufaka ezikhwameni zakhe

Besifika ngase kameleni kube nguyena uchwepheshe
Bengithi siyoya naye le ngisho phesheya kwezilwandle
Uyazithandela amazwe nezilwane
Sigibele naye ibhanoyi eliphambili, kodwa-ke ungumuntu wezimoto
Mina angisiyo leyo nhlobo
Ehlobo? Bekafika egqoke le two piece yakhe eyenza kugide inhliziyo yami

Kunale sthombe esingichazayo
Mangike ngasibuka kunemibuzo efikayo
Njenga lo engabe yini eyasixabanisa?
Miningi eminye ngingeke ngisayibala yonke,
Bafikile abanye kodwa-ke namanje ngisasho, akekho oyofana naye
Mhlampe ukhona kodwa-ke akakabonwa ngamehlo ami

Ngisho esangabuya, inhliziyo yami iyomamukela
Mhlampe wenza iphutha ngokushiya isithutha
Ngizwe k’thiwa usephakamisa amabhodlela
Ngathi angisophinde kuye ngilunge
Cha! Mangingazikhohlisi, angimdedele nje ahambe
Juba lami elihle bayongicuthela wena phambili
Phela usuhambela phezulu okokhozi, ngiyinike mina nokunkonkotha?

Kune sthombe esingichazayo
Namhlanje kunganjani ngisisuse?
Cha! Yebo! Cha ngisazocabanga
Kanjalo nje? Lo muntu umise impilo yami
Mangibuka eyakhe iyaqhubeka
Namhlanje ngiyafunga ngiyagomela ngisibuka okokugcina bese ngiyayisusa
Uma sengizwa ngimkhumbula futhi ngiyokwenzenjani?
Habe! Ngomane ngimbheke ezinkundleni zokuxhumana
Igama lakhe ulibhale ngestayela
Oh! Wuye lo usemuhle moso
Mangingathola amadola ngiyomubika emagcekeni asekhaya

Eish! Ngithe ngiyakhohlwa nguyena namhlanje
Akuvumi nokho, ngiyahluleka
Kaze unobani kuyimanje ngimcabanga!?
Akusizi lutho yena usengikhohliwe
Lesithombe sakhe ngisenzenjani?