Konakalephi kodwa ntombi?
Kumnandi s’yahleka
Ayavela awomhlathi
Izimpawu zisobala
Nemizwa igijimisa kuhle
Komqhudelwano wamahhashi
Konakalephi kodwa Ntshona?

Izimpawu zikhona kodwa uyangilwisa
Amehlo ami abona okuningi uma nginawe
Nalokhu ebengingakwaz’ seng’yakwazi
Ngize ngiyathatheka ngiba uthathekile
Ngithathwa izifaca ezincanyana
Konakalephi kodwa Qethuka?

Imizwa yam’ uyayilwisa
Imibono yam’ uyayilwisa
Amehlo ami nawo aseze akhohliseka
Kwagcina sekukhohliseka nawo umqondo wami
Angisazi ngenze njani manje
Konke engikuzwa ngaphakathi ngawe akuguquki
Ngize ngifisa kuhlale kanjalo ungonaphakade
Ngenxa yentokozo nemfudumalo engiyithola kuwe
Ngoba wena ungokhethiweyo wami
Okhethwe inhliziyo uqobo
Konakalephi kodwa Manqondo?