Impela konakele emsamu
Sekuyoze kukhale imimese nezibhamu
Ukuze nokhani niwunake umsamu
Bayabuza abadala
Ningagcagca kanjani bengagcagcile
Senizibona nibadala kubo?
Manje ngoba nakhu senikhulile?
Anisasiboni yini isidingo sokuthi nibahloniphe?
Impela lana kini kulele kunye
Ukube kubili ngabe kuyavusana

Sengidabukela wena Syethemba
Ojeziselwa amacala ongawenzanga
Oh! hhe ngiyakuzwela Syethemba
Ngokuthwala ijoka ongazethwesanga
Usubhacwe ngobubende inyama ungayidlile
Buka nje manje kuzozonke izinto ozenzile
Impumelelo ayibonwa
Usuthwele isiqalekiso sabadala
Sekunguwena ophethe zonke izinto zabadala
Nezibongo zikubangisa okwezinja zilwela ithambo
Ngoba zinhlaka zonke zifuna umthamo
Impela konakele emsamu

Zonke izinto ezimbi
Zenzeka kuwena
Kuvele kushanelwe kungachithwa zibi
Bethi ingoba zilandele wena
Bona basaqhubeka nezimpilo zabo
Futhi zisabahambela kahle nezinto zabo
Wena ezakho zibucikociko
Azihambi ngendlela efunekayo
Ngoba nempilo yakho imagwincigwinci
Ayihambi ngendlela elindelekeyo
Sekusobala ukuthi sekuzolandela wena
Ngoba sekuqalile nje kubonakala lokho
Njengoba sebekumucile zonke izinto zakho
Wahamba nabanga elide ngezinyawo zakho
Wavele wababuthaka nase mpilweni yakho
Kutshengisa ngokusobala
Impela konakele emsamu

Amadlozi abaxwayisa zisuka
Kodwa bakushaya indiva lokho
Abadala bababonisa indlela ngokuthula
Kodwa bona bangawulandela umgomo
Ngoba nakhu izinto zisabahambela kahle
Ngoba nakhu izingane zabo zisafunda kahle
Ngoba nakhu nenkampani iseza kahle
Kodwa abadala ngeke ubabalekele
Ngoba uma sebeziveza kuyacaca
Bheka kumanje izimoto zife zonke
Imisebenzi inyamalele yonke
Ngisho nemali ayisekho yonke
Konakele emsamu

Syethemba siyothi sesihamba phezukwakho
Yilapho bona beyoqaqeka kahle khona
Yilapho zonke izinto ziyobe sezibheda khona
Selingekho nehawu lokuvika kudingeka bona
Ingcebo yona ngeke isabakhona
Yilapho beyoqala khona befisa ukwenza
Kube ukuthi kuyobe sekudlule sona isikhathi
Kodwa vele isalakutshelwa sibona ngomopho
Impela konakele emsamu