Mfana wami ake uthathe nanka amazwi ambalwa
Sengakushiya ndodana kulona omagade ahlabayo
Sengahamba ngendela kobabamkhulu
Sinonyoko sesinendawo yethu asibizela kuyo uNkulunkulu
Ngakho ke usele wedwa kulowo onamehlangenyuka

Ungalinge wenze iphutha lokuzitshela ukuthi usukhulile mfana wami
Ngoba akuphangwa mdaka lingani
Usuku nosuku sithola okusha sifunde kukho
Sakhele impumelelo yethu phezu kwezinqumo esizithatha namuhla
Eziyoba yisivuno esihle ekusaseni lethu

Qina mfana wami ulwe nobubha
Uqale manje ube yindoda
Uze ungaziphakamisi ndodana
Ukhumbule abozalo lwakwenu ubagodle
Ngaphansi kwempumelelo yakho
Kuhle kwesikhukhukazi sifukamele amatshwele aso

Qina Galela qina mfana wami
Ithemba labathile selilele kuwe
Vuka ndodana ulwe ubhukule
Ungayijahi impumelelo ngokuzijwiba kowequbula
Nyathela ngesinono ukhethe amabala
Uziqaphele ngeqiniso uhambe ngokwesaba

Khululeka ndodana uMvelinqangi ukubhekile
Ungaxhamazeli nathi iso lethu silibekile
Usebenzise ubuchopho ukucwaninga izinto
Ungahlulwa yizimo kodwa kube nguwe ophoqa isimo
Ngempokophelo uzonqoba ngokulangazelela

Thwala zonke izifiso zakho ndodana
Uzibeke emkhulekweni ngokwethemba
Ngothando nangesineke ziyofika kwezithunyelwe kuye
Ungalinge usole ongabonwayo ngongakuboni kahle
Ukhumbule ukuthi konke kunesikhathi sakho

Lisho libe lithula izwi ebelikhuluma ngingaboni muntu
Ngizizwe zigcwala amehlo ngingenakwenza lutho
Ngizizwe sengiphimisela amagama
Baba ngiyabonga ngokungikhumbula
Ngicela ungeseke kulokhu osungihlomise ngakho
Kube yisikhali sami sokuciba
Lapho wena uyihawu lami lokuvika