Kungani amazwi ami niwashaya indiva?
Okuzokwenzeka phansi komthunzi welanga
Ngakubeka kwacaca bha encwadini engcwele
Ngibuhlungu ngani ngobuhlungu enizobuzwa?

Ngasho ngathi bayofika abaphrofethi bamanga
Bayofika bazibize ngegama lami
Ngasho ngathi emhlabeni kuyoba nezimpi
Kanye nezifo ezingalapheki
Ukube nazilalela iziyalo zami ngabe akunjena
Kodwa nikhethe ubumnandi besikhashana
Ubumnandi obushela usizi nokuhlupheka

Uthe ethi uyashumayela umam’ esitimeleni
Babukana abantu bathi, “akaboni yini lona
Ukuthi sikhathele siphuma emsebenzini?”
Mhlawumbe ukube ungiphe indlebe ngabe
Kwalowo msebenzi awuwudingi ngoba
Ngiyayazi inhloso yami ngawe

Uma abantu bekhuluma ngami
Wena ushintsha ngisho ebusweni
Unyukubale ugqunqe ubemnyama
Izifiso zakho ziyogcina zingamaphupho nje
Phela isala kutshelwa sibona ngomopho