Angisanakuyihamba lendlela
Angisanakuphila ngalendlela
Ngizithole zanele lezimendlela

Ekujuleni kwenhliziyo yami
Kugcwele uthando lwakho sthandwa sami
Phela wena ulubambo lwami

Izigi zenhliziyo yami zingikhumbuza wena
Uma nginawe ngihlezi ngikhululekile
Kodwa manje njengoba ungekho ngihlezi ngikhubekile
Ngihlezi ngikhululekile
Ngithemba lapho ukhona uhlezi ukhuselekile
Ohlala uthandwa ngimi phela wena kimi ukhethekile

Khumbula sthandwa sami
Sasinesifiso sokuhlukaniswa ukufa
Sasinesifiso sokufica ukufa kuqala kunokuhlukana
Kodwa ukuhlukana sekwasifica kuqala kunokufa

Noma mhlambe ukufa okwafika kuqala
Kwafika siphila ndawonye
Kwakhetha ukubulala uthando lwethu sahlukana
Amaphupho okuhlukaniswa ukufa abulale ngokuphila

Kodwa angeke ngikhone ukuphila ngaphandle kwakho
Ngisakuthanda bambo lwami
Sthandwa sami
Ntokazi yami