Ngivumele ngisike elijikayo
Ngikutshele lento engikhalisayo
Ngiyiphethe lendima engiyilimayo
Uhlelo luhlehle phela sengisika elijikayo
Zintaba zikude ekuyizona ezingisithayo
Ngisende i-sms umyalezo ophuthumayo
Sekuduma ikhanda phela ngikuthanda kungathi ngidlile yona intando
Yini kungathi ngiyi lo ozitshiweyo
Sengizibuza ngiziphendula sengidinga umhlabelo
Oh nkosi ngithandaze enhlizweni yami ngivulele umnyango
Mina sengikufakile phakathi maphakathi kweyami
Angiyena umqwayizi kuphela ngizidlela inyama yomqhayizo

Inqola yothando iphukile ngingebele inqolobane
Lenqola ekabani ngibuzwa umubuzo lapho ngiphuzile
Ngaphuza kuphendula ngokudakwa ngingesdalwa ngisho isidakwa
Izinyawo zakhe uhambela phezulu emafini
Ubuso bakhe akuyona indoni yamanzi eyobisi
Uthando olungaka ngilithwala kanjani enhlizweni, ukwanda kwaliwa umthakathi
Uhambile ngakulinda weLindiwe njengogesi nganesineke wabuya lapho sengibukhali
Ngisaba ngisho ukukushaya amehlo amhlophe azophuma ubisi
Ngathi ngibona kwathi angihleke ngize ngihlekezeke
Uhlelo lonke losuku lwahlehla phela ngiyakubona wena awungiboni
Uyangikhanyisa njengo khanyi khanyi
Awuthengelwanga yini amathoyizi wadlala ngenhliziyo yami?