Kuthiwa okungapheli kuyahlola
Ngangicabanga ukuthi ngeke luphele uthando lwethu
Kodwa nakhu namuhla ngikhala ezimathonsi
Hhayi cha basuke beqinisile uma bethi abafana bayafana
Kukhuluma mina engikade ngigilwa uthando

Bengithi sizohlukaniswa ukufa
Kodwa nakhu namuhla usungishiyile
Yebo zikhona izingqinamba othandweni
Kodwa akusho ukuthi sihlukane
Ngizwa izigi ehliziyweni yami
Uma ngibona wena themba lami
Ngoba kumina uyikho konke sthandwa sami