Izimpande ziyizimpande ezisixhumanisayo nathi
Izimpande zixhumanisa abaphansi nabaphezulu
Izimpande ziyalapha zilapha nokungephikwa
Zilapha nalapho kungena kukholeleka
Zilapha eduze kwethu zisizungezile
Zisizungezile saze sagezeka izimpande

Izimpande ziyolapha izifo zonke
Sidinga ukuxhumana nabaphansi
Ukuxhumana okuhle kuze siboniswe lapho sisebumnyameni
Sikhanyiselwe amakhambi
Sikhanyiselwe ngamaphupho
Sikhanyiselwe ngolwazi lwendalo
Singazilahli izimpande zethu ngoba siyokhala singezithulisa
Siyokhala singasenalutho sesibheke okwabanye
Sesilahlekelwe okwakusisisiza sabheka okwabanye
Sikuthenge ngezinkulu izimali sikhokhe size
Siyofa sikhokhela okwabanye
Sinamadlozi sinamathuluzi esiwabukela phansi
Ngoba sizibukela phansi
Kanti nalaba esibukela kubo basibukela phansi
Savele saba phansi sanyathelwa ngezinyawo
Sashona phansi nasemimoyeni ngoba siyabathemba
Sibukela kubo noma sebesikhohlisa
Siyakhohliseka njalo size sizikhohlwe ikhohlisana
Sikhohlwe ubu-Africa sakhumbula esingakwazi

Izimfundiso zezimpande sizilahlile
Savumela konke okufikile
Kwafika kithi kukuhle sakuthanda kanti kuzosihlaza
Siswele ulwazi sadukisana kanti sidukile
Sibukele phansi okwethu saba abalandeli
Abalandela umuntu ozungezayo
Efihle induku emqubeni nathi saze saba abazungezayo
Sazungeza kanti kukhulu okuzosizungeza
Kube umzungezo induku ifihliwe
Ikhohlisana ihlomile