Ngalezi zandla ngakupha uthando
Ngakupha imfudumalo yomzali
Ngiwa ngivuka nawe
kulezi zivunguvungu zomhlaba
Kwakuyimi engangikusula izinyembezi
Uma usudangele
Nethemba uma usulilahlile
Bengiba yisibani sakho sezinhlanhla

Ukuzimela wakufundiswa yimi
Ukudla wakufundiswa yimi
Yimi engakuphendula lesi sihlahla osuyiso
Kuwe bengibona okukhulu
Kuwe bengibona indoda ebizovusa lelikhaya
Mina mzali engahluleka ukulivusa
Nguwe okwakumele uqhubeke
Lapho engaqhuzuka khona

Namuhla usungumntu ngenxa yemizamo yami
Namuhla usukwazi ukungetha ngamagama
Ngenxa yemizamo nemijuluko yami
Baqinisile uma bethi umfundisi akamzali umfundisi
Elami ikusasa nganikezela ngalo
Ngifukuzela ikusasa lembewu eyayikhula kimi
Yona lembewu esingetha ngamagama achukuluza imizwa

Isono sami yisiphi?
Ngona ngokukukhulisa na?
Ngona ngokukuthanda abantu bethi angikukhiphe?
Ngitshele lapho engone khona
Ukuthi ungaze ungephule inhliziyo kanjena?