Sithwala ndwe esithwala
Emakhaya ethu okugcina okulala
Awukhathali ngoba wena uyasikhathalela
Uyithemba emakhaya ngamakhaya
Usibhekela nezizukulwane zezizukulwane

Uyithemba noma seliphelile ithemba
Wondla imindeni noma sebengalahlwa yithemba
Usikhombisile ukuthi uyithemba
Emindenini ngemindeni

Kuwe ngishiya okufanele
Ngoba ungumdeni wemindeni
Akekho oyohlupheka kuwe ngoba uyilunga lomdeni
Ingakho ngikuthanda ngoba ungumdeni

Ugawula izizwe ngezizwe usibeka emakhaya ngamakhaya
Awunethwa nayizikhukhula ezisihlula ezindleleni
Ezisisa emakhaya ngamakhaya
Ethu okugcina
Hlala njalo usigcinela
Nemindeni yethu esoyigcina
Ngosuku lokugcina
Uyikho konke kuthina