Ngilubonile usizi ngisizwile isililo esivusa umunyu omama befihla izingane zabo.
Phela akusafani nakudala izintombi sezaphuzisa okoyise zayeka ukuphekisa okonina.
Azisalali emakhaya zibuya ngelokusa
Wakhuluma umama waze wakhathala wakhetha ukuthula abuke kuyophelela kuphi nokusa.
Ukubona okuna 14 kuzithwele akusathusi
Angithi amadoda amadala asathi zibanjwa zisemaphuphu
Abasahlali ngenkomo kamama engani usadoba ngayo
Selafa elikaMthaniya
Ebusuku ubafica bevalelene bejuluka beconsa umgwinyo befake isitha langa endlini
Akuse wona amadodana angcwaba oyise
Elokishini imizi ishintshisana ngokuqasha amabhasi
Sidubulana ngezibhamu esingazazi nokuthi zakhiwa kuphi
Omunye ubheke omunye esweni akekho ofuna ukuzinuka ikhwapha
‎Siyizimpumputhe ezidonselana eweni
‎Kwaphelelaphi ukwakhana?
‎Sakhelene asingenelani
Ushukela asinanelani
‎Sizwe esimnyama asishintsheni
‎Singazuza okuningi ngokubambisana
‎Ngothando asiduduzane
Inhlonipho yakha isimilo
‎Ngiyacela mdali zwela omama besililo