Ngisabathe ngiyapaquza kodwa
Unoxhaka ungibambile.
Ngisabathe ngiyaphuka kanti
Inkanuko icuphe umgoga.

Ngithe ngiyakhala yathi inkanuko phindela.
Ngabulala ikusasa lami
Ngagugisa umzimba wami
Ngabulala umoya wami.

Nkanuko kade uthi uqedile ngami
Kanti umdlalo awukakaqali.
Bengisandlalela nje ukuthi kwenzakalani
Ngaphambi kwendaba.
Mina ngihamba noJehova ophilayo.
Ufasa izikweti namabhulukwe axegayo.
Uma uqhuba kanjena emshadweni uyofika usunjani?
Njengoba usuvakazekile ubani ozokucosha?
Ngoba akekho umuntu ongacosha ukudla
Okulumelayo, okungcolile.