Inhliziyo yami iphuliwe
Yilabo engibathandayo nengibathembayo
Kodwa ngizomvikela noma kunzima
Izithukuthuku zami angeke ziwele phansi
Kodwa ngizomvikela noma kunzima
Igazi lami leli bathi angithwale ngaye ngoba enebala elimhlophe
Cha kodwa ngizomvikela noma kunzima
Uyikho konke kumina angeke ngilahlekelwe uyena
Ngizomlwela futhi ngizomvikela noma kunzima
Uyisizathu sokuba ngiyaphila
Unginike ithemba futhi lokuphila
Yebo ngizomvikela noma kunzima
Bayazama ukungiphuca wena zinyobulala wami
Kodwa wena ngizokuvikela ngiyathembisa