Sengadla amathambo engqondo ngadela
Ngaba isigqila semicabango ngankema
Ngacabanga ngajula
Ngengqondo yami ngazula
Ngalendlela angiboni ngizokhula
Kwamqondo wami awuzokhula

Esekati negundane uma sibonana
Kusiphuka izidindi ngicela empunzini
Ngingazi ukuthi ngonani, ngadlani, kabani, ngiyidlelani?

Amazwi akhe eza eyizimbokodo
Ewujenge okwabantu bombondo
Ngiloba lenkondlo ngiyalila
Ngiyabona ukuthi uma ngingayibalekisi lenhliziyo kukhona ozozila
Azile ezilela inhliziyo eyophayo

Anginamazwi
Cha akuphumi lutho nje emlomeni wami
Nginemizamo ngobomi bami
Nginesihawu kodwa yena uyashabalalisa
Ukhulumelani safuthi ugeqa amagula kucwebe iziziba

Anginamini nabusuku okwamanzi egeleza emfuleni
Usengibhalelile umakhonya izinyembezi ziyaphophoma
Mhhhh!
Okwalempophoma engibhukuda kuyo ubusuku nemini