Yathi cosololo inhliziyo yami njengoba
Umshayeli wayeyivathela kakhulu imoto
Kwaba sengathi uyabona ukuthi ngimatasatasa kabi mina
Phela ngilungiselela umgcagco wami
Ozoba undabuzekwayo umhlaba wonke

Phihli phahla!
Ikhumbi yethu leyo
Iphenduka ima ngokhakhayi
Tswi tswi!
Abantu bekhalisa okwamachwane
Becindezelwe yimoto
Kuthe kusenjalo ngazibona ngimile
Nawu umzimba wami ulele phambi kwami

Ngithukile ngiyathuthumela ngiyakhala
Ngibona umama engiqhweba emile kanye nabo bonke
Abakithi asebashona
Ngithe ngizama ukukhuluma nodadewethu ebengihamba naye
Wangangizwa
Ngiyazama ukumthinta akathinteki

Angeke kukwazi ukuba yilanga lami lokufa leli
Mina ngiyagcagca ngesonto elizayo
Ngaba kanjalo ke isipoki
Abadala bavele bangishiya baphindela emuva
Abasemhlabeni ngiyazama ukukhuluma nabo kodwa lutho ukungizwa
Manje ngimile lapha ezintabeni
Ngilinde kufike umqambi maphupho
Bese ngicela ukufika ngephupho kwisithandwa sami ngivalelise
Ukuze umoya wami uphumule
Akalali udali ukhala ubusuku nemini
Ngifuna ukumtshela okokugcina ukuthi ngiyamthanda