Sengiyabitoza angisakufun’ ukwenza kwami
Sengicothoza nakwamnyama amathafa
Sengihamba ngisho kwesikabhadakazi ngimukisa izinkomo
Angisenamahloni kade ashabalala,
Ashabalala amathemba ngaluthwa ngontanga
Umuntu omdala angisamazi nokuba wayeyini futhi uyini
Akusikho ukuthanda kodwa sengiyakomela ngingenkolontshe
Angisayithandi le mpilo esengiyiphila

Ngethiwa kamunandi ngoZibuyile ngethiwa ngabazali
Ngakhulakhula bangihlwitha ontanga esandleni sabazali
Ngaqala ngazibona ukubhayiza
Ontanga bakulutha niye niyothi gozololo kwamaziphathe
Kwamaziphathe aluyi olubuyayo kuyashisa
Kuyashisa langikhona kubi engakwenziwa ngontanga

Kazi zisayobuya yini ezoMotha ngisenza njena?
Kazi zisayobuya yini ezamalobokazi alobola umama sengaba njena?
Ikati alilibuntshisi eselizifele igundane
Onamazinyo okuzicabela angeke acabe amathambo asecatshiwe
Kazi owabhidliza isibaya sikababa ngisayomkhomba yini?
Kwazise sekwaba ngumlando
Umlando wami awugculisi umanhlalunhlalu uqobo
Uqobo lwami lwaluba shintshashintsha abakhapheyana
Besina bededelana esibayeni somnumzane
Sengiyinxaxa uqobo ngisele ngedwa izinhlanzi zihambe nomdwebi
Ngivithizekile kodwa basamile lokho oMbali engafika ngabo
Kudela owaziyo ngiyophekisa ngani emendweni?