Ngizoba yini ngaphandle kwakho?
Loluthando lwakho enginalo ngizolunika bani?
Impilo yami izofana nomdlalo
Injabulo yami ngiyicaphunele bani?
Ngizoba yini ngaphandle kwakho sthandwa sami?

Ngizophila kanjani ungasekho wena ungigqugquzela
Ngizothandwa ubani ngothando lwakho
Ngizophupha bani ebusuku uma ungasekho?
Mina ngizothanda bani?
Ngiyonconywa ubani? Nokuthemba, ngiyothemba bani?

Angisoze ngakwazi ukuphila ngaphandle kwakho
Sengisho nokukukhohlwa kuyinto engeke yenzeke
Ngoba wena uyisithandwa sami, igugu lami
Ngaphezu kwakho konke uyimpilo yami
Ngiyokudinga impilo yami yonke

Ungifundise lukhulu empilweni
Ungifundise uthando nokubekezela
Ungenze ngafunda ukwamukela isimo ngenxa yothando
Uyikho konke engikudingayo kumuntu engingaziqhenya
Ngithi ngiyamthanda noma kunjani

Ngakho-ke impilo yami iyoba yini ngaphandle kwakhe?
Nhliziyo yami uyothanda bani ngaphandle kwakhe?
Mphefumulo wami uyophila kanjani ngaphandle kwakhe?
Ngqondo yami uyocabanga bani ngaphandle kwakhe?
Ngizoba yini ngaphandle kwakho sthandwa sami?