Vele ukhale ugijima
Vele uzame uhluleka
Sebenzisa lokhu onakho
Awungabulawa indlala

Imizamo yakho inamandla
Ungakwenza mpangele enhle
Le nhlupheko iwumlilo ozoletha impumelelo yakho
Nazi izandla unazo
Nawu umqondo unawo
Mpangele enhle
Sukuma uzimele uzisebenzele

Nazi izandla zakho
Kusebenzise konke onakho mpangele enhle
Zama kaningi noma ungahluleka kaniningi
Kubamba ezingelayo nawe wazingele amathuba
Kodwa likhona elibhekile imizamo yakho iyofezeka
Zifezeke nezifiso zakho
Namaphupho akho afezeke aze afezekaliswe
Bese kuphenduka kube iphupho
Ungakhohlwa unamandla avalelwe kuwe

Mpangele enhle
Sebenzisa onakho
Nazi izandla zakho zisebenzise
Impangele enhle ekhala igijima