Besidla ezikafaro ngobumnyama emajoyintini
Impilo yethu siyithathe shibhu ngoba besingapheli emashibini
Sisebenza sisebenzela ezibini
Kuze kulalwe kungekho ukudla emakithi thina sisebenzela eziswini
Kulalwe kungekho ukudla thina sisuthi ezikafaro zigcwele iziswini
Singakuthengi nokudla umzali ngokuzala waphenduka umthengi
Umthetho singawulaleli
Simugqilaza singabongi
Singaboni inkungu ikithi emehlweni singaboni
Singaboni imizamo ayenzela thina emhlabeni
Sithathe okukhulu kuye simuphe okuncane
Unikele ngempilo yethu kumdali
Thina sakhetha eyethu eya ebubini
Sazisola singena kusola muntu ngobubi esibenzile sisasobabili
Lobubi buwububi obusibilisayo ngenxa yobubi bethu
Sibahle yebo kepha sibabi ngaphakathi kithi
Lokhu buwububi obusililisayo njalo silwa nakho ngaphakathi kithi

Sike sakhohlwa imfundiso yasekhaya sakhumbula imfundiso yesemgwaqeni
Sikhohliwe sakhumbula okwasemnyango
Sakhumbula okwabangani esidudana nabo kanti ikhohlisana ihlomile
Sikhohliwe sakhumbula ekugcineni
Sekungasekho ukubuyela ekuqaleni

Imfundiso yiyo esayilaxaza eyafundiswayo
Imfundiso iyiyo eyiyo
Imfundiso ifika lapho umzali engefinyelele khona
Imfundiso iqhamuka edlozini
Ithongo lakini liyayazi imfundiso yakini
Idlozi lifuna imfundiso enhle ngaphandle kwayo singephile
Singephile kahle, Siyophila kabi ngempela

Nasezindaweni zobumnandi
Ubumnandi abukho buyenziwa ngezimnandi
Izinandisi ezinandisa ngezinto zesikhashana eziphazamisayo
Ezilimazayo empilweni ezinandisayo
Eziphambanisa nemilenze nemilenzana
Uze umlomo ukhulume okuphambene nemfundiso
Ukhulume imfundiso yasemgwaqeni
Ukhulume imfundiso ephambene nezo zonke izimfundiso

Umlomo uyinkemba ebukhali
Okukhulunyiwe ngawo kungebuyiswela emuva
Abangena mfundiso basheshe baziveza

Kubonakale nemimese kungekona ekhishini
Athathe ummese amugwaze lichitheke igazi ligobhoze
Imfundiso ilahlekile amajele agcwele
Bababaze abanemfundiso
Imfundiso akusiyo imfundo
Imfundiso akusiyo inombolo kungesiyo i-lotto
Imfundiso

Imfundiso eyedlozi
Idlozi liyamuvikela onemfundiso
Nowenza imfundiso
Imfundiso iyabonakala
Imfundiso ingenakubekwa