Ngibhala lenkondlo nje izinyembezi zigcwele amehlo.
Ngento eyenzekayo kubantu besifazane nezingane.
Babulawa kangaka kwenzenjani kubantu besilisa?
Senzeni bakithi? sabulawa njengezintuthwane.
Ninonya seningaze nisizwise ubuhlungu obungaka.
Ubuhlungu engibuzwayo enhliziyweni ngendlela abantu besifazane
Abahlukumezeka ngakhona kanti mhlaba kwenzekani kuwena na?

Ngazalwa kuthiwa imbokode izimbali zezwe
Kodwa namuhla lokho sekwamuka nomfula.
Lelilukulu eligcwele emadodeni elani?
Izimbali zezwe sezabukiswa okwaqadolo.
Imbokodo seyanqunyiswa okwezinkukhu.
Bhodlani madoda ulaka lwenu sekwanele.

Usuku nosuku siyabulawa.
Losathane ongenile kunina akanazwelo yini?
Okubuhlungu kakhulu babulawa yilabo abathi bayabathanda
Ngabe yilona thando yini lolu enibakhombisa lona na?
Ngabe iyona njabulo abayidingayo lena na?
Sekwanele ababuye onembeza emadodeni!
Usungaze uphathe umese,isimbamu,induku
Uphathela umuntu ongeke akuphindisele.
Sekwanele ngenzala bantu yezwe!
Beka phansi leso sikhali osiphethe

Lesi sihlungu enisincindile siyekeni madoda!

Nibaphucelani ilungelo labo lokuphila?
Ngisho kuyinyanga yabo pho!
Sekwanele sukumani madoda nikhuze.
Nasi isihlava esibi siniphoxa sinibopha ngabhade linye
Asekhona amadoda aqotho akuw’ wonke
Nakhu nifukamelwa yifu elinyama ngenxa yezinswelaboya
Sukumani madoda nivikele isithunzi senu nilwe namanqe.

Nibulala abantu abaniletha emhlabeni
Abantu abanithwala izinyangakazi
Banifundisa umhlaba nempilo
Namuhla usuyamsoconga.