Wathatha eyokugcina
Wagijima wawungathi uyajima mhla eyoyifaka
Bamuthembisa waze wathemba basho nokuthi ngeke liphihlike
Wathemba unomathemba
Ejabule ezwa izithembiso ezinhle
Bemudayisela iphupho kodwa yena ezolikhokhela
Wathatha eyokugcina wayifaka
Kwavumelwana waze wasayina
Amathemba anyuka ama ngezinyawo ethemba
Nabo ebathemba nabo bemuthemba kwathenjwana
Bakusho konke kukonke owayekufisa ukukuzwa nowayekufuna
Bamuzwa naye wabazwa kwazwana
Yize enomuzwa owayewuzwa
Amathemba awuthulisa kwathuleka wabazwa
Enethemba ngoba ebathemba naye bemuthemba

Ithemba alibulali engasabulali ubuthongo ithemba limuculela
Sebeshilo ukuthi ibhanoyi liwile wangakholwa ekholwa
Wathuka engenakubathuka esiyithutha
Ezokuthutha engasezokwazi uzoziqondisa ngalaphi uzobakhombaphi
Sekuvele kwaphenduka usuku kwaba kubi
Imibuzo eminingi uyazibuza uyaziphendula sekubi

Ibhanoyi alisabonwa
Ibhanoyi liphihlikile
Ibhanoyi, Ibhanoyi, Ibhanoyi!
Akasakwazi nokuchaza noma bemunika isichazi angechaze
Ikhohlisene inhlomile naye uze ngokuhloma kanti zizomhlokoza
Zimhlokoze zimshiye nethemba elingekho nezimpendulo ezingephendulwe
Akasakwazi nokuchaza
Imibuzo isikuye akazi lutho esesho kodwa izolo bekunguye isishoshovu sebhanoyi
Ubeze apheqe amehlo abe mhlophe uma ekhuluma ngebhanoyi
Enethemba lokundizela phezulu njengo khozi ngebhanoyi
Ibhanoyi lamushiya eshiyekile nasemuzimbeni
Bekuwuyena okade ebamema
Namhlanje abantu beza kuye nemibuzo angenazo izimpendulo zayo
Ibhanoyi alisabonwa

Ibhanoyi liwile
Izinhliziyo zibuhlungu futhi zihluthukile
Izinyembezi zigobhoza okomfula okhafula ematshe
Amazwi abantu eza njengokuduma kwezulu
Basho bepheka ngemibuzo noma esevuthiwe
Babodwa abathi uzoyikhotha eyomile
Ajuluke abe manzi kuze kuphele namanzi emzimbeni
Uphaphama usesibhedlela
Ushukela unyukile naye wenyukubele
Umoya uphansi inhliziyo iyabalisa
Uphaphama usefakwe ozankosi useyinkosi

Isishoshovu sebhanoyi
Sigadiwe njengesishoshovu sebhanoyi
Noma engandizanga ngebhanoyi
Ithemba lakhe selimlethela usizi
Akusekho asengakusho
Ikhohlisene ihlomile yena engahlomile
Banminde ngamafutha inyama engayidlanga
Sekusele asebenzise ishoba lokuzivikela