Kanti ungifunani ngempela ngoba ngithi asazani,
Mina nawe kodwa usungi namathele njengo cadolo
Unamathele ingubo sekuze kwaguga namadolo
Kodwa lutho ikusasa eliqhakazile
Ukuhlupheka kuphela ungizondani?

Phela mina sengalala ngingadlile ngenxa yakho,
Sengalala ngaphandle kophahla ngoba, wena unginamathele
Ngoba wena ungi namathele njengemali inamathele kumazibuthe
Mina sengaphenduka ihlaya
Ngaphenduka eyokuphuza itiye kubantu ngenxa yakho
Noma ngithi ngiyazama lutho
Kanti wena ufunani?