Hloniph’ uyihlo nonyoko
Ukuze izinsuku zakho zokuphila zande ezweni
Gwema ukuhamba ulala ngoba kunomthelela omubi empilweni
La ngaphandle kunabantu abagcwele inkohlakalo
Qaphela bazok’gila

La ngaphandle kunabantu abagcwele ukugula
Qaphela bazok’thelela
Ungadlalwa abafana la ngaphandle
Bakutshele ukuthi bayakuthanda
Bezenza ngcono uma benawe
Uma bedlula badlule nobuntombi bakho
Ubuntombi bufana namanzi achithekile emhlabathini
Awabuyeli esigubhini

Uma usuzophumelela kunabantu abakhuluma kabi ngawe
Balidicilele phansi igama lakho
Bathi ayikho into oyihlolelwayo ngoba uyajola
Njenge mbongi encane ngizokunika nasi isexwayiso
Hlala ngobuntombi bakho