Wangikhulisa wanginakekela
Wangilwela kunzima
Wanginika impatho yothando wanginqobela
Wakwenza konke ngoba ungithanda
Wavala isikhala sobuntandane
Wahlala nami lapho bengifulathela
Wangishiya ngibala ngize ngibalisise ngobalisa
Wanginika ithemba lapho amathemba eshabalala
Empilweni yami uyidlalile indima
Uyibekile induku ebandla
Abazali bazala bashiya kwasala wena
Gogo wangikhulisa
Kukubi kusinda ubunami
Kuze kwehlela ubunami
Njalo ungitshela ukuthi engikwenzayo ngizenzela mina
Unginika amandla, ungikhuthaza, ungithandazela
Ungiluleka futhi ungilwela
Ungalali nakahle ebusuku ungithandazela
Wawungenalo ngisho ulaka kodwa uma kunesidingo wawulumema

Namhlanje ngikhala zome ungishiyile
Ungishiyile kodwa ngeke ngisakufica usungishiyile
Ngisele ngingedwa akasekho muntu onginakile
Isikhathi singishiyile
Usuku olusile lwagcina lufikile
Besilindele olukhulu ngicabanga kungasekho kubuyela emuva ngoba selufikile
Lwangishiya nginenhliziyo ephukile neyophayo
Inkosi nayo ibonile
Ungidabukise ngaze ngadlula isidwedwe
Ngingesakwazi ukukufonela ngoba awusekho usuku selufikile
Ukube wawudukile ngangizofonela u-Khumbul’ Ekhaya kodwa manje ungishiyile
Ungishiyile!
Wangishiya ngingedwa ehlane
Ngizibuza ngiziphendula ngiphinde ngizibuze
Ngizibuza impendulo awusekho kuziphendula ungishiyile
Bukhulu ubuhlungu obukhungathe inhliziyo yami ngoba usungishiyile
Kuyacaca asikho isilinganiso sothando olungafana nolwakho sengibonile
Ngizikhale zoma ngingezona Izingane Zoma kodwa bengingeyakho usuhambile
Ngisele la emhlabeni kwamazibonele
Aphelile amathemba nokuzithemba sekuphelile
Uyihambile eyakho indlela
Impilo iyona esisayibhekile
Sekuphelile