Yekeleni, yekeleni.
Ngiyayizwa imicabango yabo
ngeke abelutho uskhotheni.

Amehlo abo ayangihlaba ngiyafa izibhobo.
Isithunzi sami saphenduka umata.
Incindezi iningi ontanga bayaphumelela.

Ngifihle ihlazo ngitabalasa.
Ngihayize kunanele ihosha zase cwaka.
Ijule ingqondo igcwale iphuphuma.

Uju olungena kuphungwa zinyosi.
Ikhaya liyiphupho izifiso ziyanginukela.
Ngimi ngaphandle ngikhothe iwindi.

Unembeza awunakho ukuthula.
Sise mlazi abafethu babuswa isibindi,
ekwenzeka sibe noginqi.

Ngiwa ngivuka thiwa isosha aliphumuli
liphumula selemunye nomhlaba.
imizwa idungekile.
Indlala ibanga ibanga ulaka.

Inyembezi aziphumi umphefumulo ubuthaka.
Kuthule kube ngathi incingo eziyakhaya zivaliwe.
Baba nkosi ngizizwa ngathi lahliwe.

Khulula loluhlaka konke ngikuletha kuwe.
Ithemba alibulali kuwe mangifihlwe.
Ngingabi nje ngamanzi achithiwe
emhlabeni engasena kubuthwa.