Kusempondo zankomo endaweni yangakithi, ngimile emgwaqeni izimoto ziyadlula ayikho engimelayo, ama taxi andlulayo alayishe abasebenzi. Ekugcineni ifike itekisi ingithathe ingibeke edolobheni. Ngikhethe ukuqala kwabakwasidlodlo ngizogcina ngokuthenga ngizogcwalisa i-affidavit. Ngisahamba kanjalo nginganake lutho ngizwe into ekhalayo mangizwa kahle ingane esencane le ekhalayo, kusasekuseni akunabantu.

Nginikele kuyo ng’yithathe ngenhlanhla ngibhince ithawula ngoba sekusebusika, iyagodola umlomo iyaqhaqhazela, mangiphakamisa iskibha ebisigqokile ubona ngenkaba ukuthi inezinyanga noma amalanga izelwe, kuqhelile nala ngiyakhona kuqhele kakhulu esibhedlela. Sengithulisa umntwana ngiyamisa nezimoto ngethemba lokuthi ngingahle ngibe nenhlanhla, ezidlulayo azingimeli abanye baze bakhombise ngezandla ukuthi bayangihleka.

“Thula thu thula mntwana, thula sana thul’mama uzobuya ekuseni,” ngiyacula nje kodwa lengane ikhala kakhulu kwazise iyagodola kwamina angazi ibekwe nini lapha, ngiyithulisa ngomama engingazi nazinjongo zokulahla le ngane. Nayi ima imoto, ishayelwa ubaba wesudi usho ngo layini oqonde thwi eshethini. Uyakhanya ngokwebala, ame eceleni kwami, ngethembe.

“Nazi ukuzala izingane eningazihlelele nisuke nizonkedamisa emigwaqeni, uphi uyise walengane” wakhuluma kanjalo wasuka wanxapha wayishaya yazula ngenhlanhla akunabantu emgwaqeni. Sengishaywa amahloni kwazise ngisemncane ngiqeda kuqeda umatikuletsheni. Kuqhamuke enye imoto ilokhu ikhalile ingane, sengisaba nokuyimisa, ngisaba ukuthukwa, izimele yona, ishayelwa ubhuti obukeka esemncane, ugqoke ngathi uyocula iHip Hop.
“Sisi udinga usizo?” ebuza. Ngiphendule ngokuthuka ” Ye..yebo bhuti”. Avule iscabha ngingene.
“Uyaphi?” ebuza.
“Bhuti bengiya esteshini samaphoyisa ngahlangana nalolusana, lukhala njemgoba lukhala lugodola ngalicosha ngilimbathisa ithawula ebengilibhincile. Ngimisa izimoto ezingangisiza ngimuse esibhedlela, kodwa kunalokho abashayeli bebengiklolodela ngezinhlamba bengisho abanye bengihleka ogcine ukuqhamuka wathi ngazi ukuzala nokunkedamisa. Bengifisa ukumchazela kepha ithuba akanginikanga maqedane wangishiya ngimile,” ngichaze.
Ngimbone emehlweni ubhuti ukuthi uyazwelana nami.
“Mhhmm ng’yakuzwa sisi ngena masinyane ngizokulinda lana ngikubuyisele emuva”. Nebala ngehla ngangena ngenhlanhla ngathola umhlengikazi onomusa.
“Bekwenze njani umntwana aze abe njena?” ebuza ngokudabuka ngimlandise bephuthumise umntwana e wadini bezame ukumhlenga. Aphume lomhlengikazi usehamba nalobaba ongiphoxile. “Siyaxolisa sisi umntwana akaphilanga ubesasemncane kanti namakhaza amngene kakhulu”. Ngikhale angibuke lobaba ngathi useyizwile indaba, ushaywa amahloni. Ngambuka zehla izinyembezi.”
“Baba yize ubuzitshela ukuthi ngazi ukuzala nokunkedamisa, kodwa ukube ubungisizile ngabe uyaphila lo mntwana,ukube ubungibuzile ukuthi kwenzakalani ngabe uyaphila lo mtwana, bengingekhe ngikuphoqe ngemoto yakho kodwa usana olungenasono, ungiphoxile baba.” Lo mhlengikazi umbuka sakuthi phendula. Ngenhlanhla waphendula,
“Bengingazi, ngiyaxolisa,” eziphendulela, wambuka lo mhlengikazi emangala
“Hhawe dokotela wena awuyena umuntu ongabe ubuka abantu ubahlulele usebenza ngabantu!” Kubeka umhlengikazi. Usebukwa abantu lo dokotela, mina ngiyakhala bengithi lo mntwana bengithi usengcono ngoba ngimuzwa engasakhali.
“Woza sisi,” umhlengikazi engifaka ehhovisi.
“Sisi kahle kahle umntwana uthulele ezandleni zakho, ng’yacela sisi ungathuki,” wangiluleka umhlengikazi wangilethela amanzi anoshukela ngaphuza. Wangiluleka ngaze ngazizwa ngingcono. Wangidedela ngenhlanhla ngafica ubhuti wemoto esamile.
“Kwangathi ubukhala,” kubuza ubhuti,
“Ushonile umntwana kuthiwa ushonele ezandleni zami, ah sengikhohlwe ukubuza igama.” Ngizama ukuhleka.
“Mina ngiwu Sizwe wena?” Kubuza ubhuti.
“Mina ngiwu Zethu, ngyabonga, ngcela ungishiye erenkeni sengzosale sengibiyela ekhaya.”
Wacela ubhuti ukungisa ekhaya ngempela wangibeka ekhaya wahamba. Ngafika nasekhaya ngachaza konke bazwelana nami. Ngacela ukuyolala bavuma. Ngabhala incwadi encane.
“Mama wengane angazi kungani ungazange umshiye esibhedlela kunokuthi umlahle emakhazeni.” Ngavala incwadi yami ngalala. Ngavuswa usisi eselethe ukudla.