Dlozi lami
Dlozi lami ungibhekile ematshwaleni
Wangibheka emjolweni
Dlozi lami ngiyakuthemba

Ungenze ngahluka emphakathini
Wangenza umuntu ongenalo uvalo
Waxosha ukwesaba nenhlupheko
Hawu kodwa Thonga lami
Ngisho wena Dlozi lami
Ungihambise emadlelweni aluhlaza

Ngingaba yini ngaphandle kwakho
Mkhululi wami themba lempilo yami
Ngisize ngisebenze ngokweqiniso ebantwini
Dlozi lami ngisize ngivikele abanye
Njengoba nawe ungivikelile
Nanoma ngihamba angesabi ngoba wena unami
Uhleli ungivikele
Uhlezi ungenelisa
BoGogo noMkhulu ngiyabonga

Makhosi!