Kade ngingalaleli, ngiswela indlebe
Abazali bangikhuza kodwa ngangithi ngiyazi
Kodwa ngingazi ngizogcina ngokuphoxeka
Ngangiphatha ummese ngihlala ekhoneni
Ngilinda abaholile nabaphatha ama-phone a-tops
Ngigqoka ama-Carvella
Phezu kwe-Caravela kugcwala abantwana
Kodwa namhlanje buka ngikuphi ngokungalaleli
Buka ngikuphi ngokuswela indlebe
Eish ngisenkingeni
Abazali bageze izandla
Nomphakathi usola mina kukho konke okubi okwenzeka elokishini