Bengingazi mhlengikazi
Ngibone ngegazi
Nami ngavele ngangasazi ngangazi
Nokade ngikwazi manje angisazi
Ngizwe ukujuluka okukhulu okulandelwa ubuhlungu obukhulu
Nasemphinjeni kungasagwinyeki kubuhlungu kakhulu
Ngithuke ngaze ngakuthuka mhlengikazi
Bengingazi mhlengikazi
Ngizwile emsakazweni oKhozini
Ngahleka kwaze kwavela elomhlathi

Bengingazi mhlekazi
Ngiphumile ngahamba sesihlohlene nabangani
Bengingazi mhlengikazi
Ngiphume ngahamba ngithi bayadlala futhi mina sengiyodlala
Kanti sengiyadlala ngeyami impilo ngiyadlala
Ngadlala kwadlaleka ngayo iyincane kanje kodwa ngadlala ngisho nalo ibhola
Ngadla nayo impilo ingidlala mina ngidlala ngayo nayo idlala mina
Isifo sidla mina, mina ngidla impilo, impilo idliwa isifo esidla mina
Ngadlala ngaze ngalamba kodwa sengidliwe ngaqhubeka ngalamba
Ngiyadliwa manje sengiyazisola
Akusekho ukubuyela emuva

Ikhohlisene ihlomile kodwa manje angisahlomile ngisenkundleni yempi
Ngiyalwa amasosha aphelele namasosha omzimba asempini
Sisempini nesifo esingasazi sona sesiyasazi nathi asazi sokwenzenjani
Sisempini kusempini abanye sebelimele
Abanye sesibathathile
Amasosha alwile ngokulwa kodwa ahlulekile
Amasosha omzimba ashode ngezakhamzimba ezibalulekile
Ahlulekile nathi sethukile
Ngithe thina siyachatha
Ngithe thina siyizinsizwa kanti lesi sihlasela kakhulu izinsizwa
Sidla ngamandla ezinsizweni siyaqeda

Amakhaya angenabo obaba esezokwanda
Ngenxa yokwanda kwalobhubhane
Kanti nabo obaba abayi emtholampilo ingakho sisiqedile
Lisibhubhisile nathi saze saba ubhubhane
Sesisatshwa okwezilwane zasendle
Sesishintshile okotshwala esisiswini
Saguqula izinto senza izinto esingaqondile ukuzenza
Kodwa manje konke sekusiqondile
Sesiphenyeke izinqa savela ukuswela kwethu obekade sekucashile
Kuphele ngisho okokudla indlala idlala ngathi saze savela obala
Ibala lethu libonakele nakwabebala
Sabalwa saze sabalisiswa
Kuqinisekiswa konke ngathi saze sabalisa
Siveziwe nakomabonakude izwe lalubona usizi lwethu nokubalisa
Ukubona kuyafana nokungaboni sisho lokho ekusabalalisa
Amathemba ashabalala aze ayoshabalala
Sesikubona kudayiswa

Sekuvalelwe ezindlini zabathile kwabelwa nabathile
Amehlo afakazile umlomo ongathethimanga uthulile konakala
Wathula izinto ziphuma esandleni wathula
Umhlaba udunguzela
Wathula wangelula nesandla
Wangedlulisa
Wathula ungeke usho lutho kwathuleka
Kwathuleka nakubaholi bendabu impi ifikile kwaZulu kwethuleka
Kwathuleka ilanga lishona ekuseni kwathuleka
Kwathuleka begcwele imigwaqo nezinkundla zemidlalo kwathuleka
Kuke kwathuleka ngenxa yomthwalo ongathuleki osemahlombe
Lomthwalo awuhloliwe ngeke sishaye ihlombe
Lomthwalo sithwele wona kodwa futhi nawo uthwele thina sithwelene
Lomthwalo uyabambiswana uma uphathwa
Lomthwalo udinga kubambisana nokusolana okwakhanayo uma uphathwa
Lomthwalo udinga mina nawe sihlangene kodwa singahlangene
Imimoya ivuka noma isivunguvungu sisivukuza
Isiphepho sisiphephula size siphuka nemimoya
Uyehlisa imimoya seyinyukile singene kuzinyusa
Amazwi ethu kuyiwona asiqinisayo noma ithemba lishabalala
Ukholo luyasimisa
Ukholo lubuyisa ithemba
Lukhanyisa amagquma nezintaba
Likhanyisa izinkuni ezinethiwe zivuthe kukhanye
Liyasiyisa entokozweni engenakuyenziwa ngezandla
Liyaqinisa ngaphakathi lapho kungengene muntu

Umhlengikazi usebe isosha elilwa impi engajwayelekile
Umhlengikazi isosha lempi kamoya
Asilwi sodwa silwa nemimoya
Imimoya eminingi evunguzayo
Asibambane angazi kodwa silwa nemimoya
Obhala athi hlomani izikhali zika moya
Zihlomeni zonke ukuze ninqobe impi kamoya
Impi yemimoya yesikhathi kanti isikhathi sini lesi?
Isikhathi sengadi yase Edeni lapho inyoka ifika
Sikhathi senyoka ezosikhohlisa
Sizoshiya esikwaziyo okwangempela
Silandele okwenyoka nezithembiso zayo ezizosikhohlisa
Kanti izosidla ngokuphazima kweso amehlo asukile ezintabeni
Abheka phezulu lapho singefinyelele ngemizimba
Sidinga siphume emizimbeni kuze sithole okwamoya
Emfihlakalweni ziyatholakala ezingatholwa ngenyama
Ziyafunwa ngomkhuleko okuyiwo osikhulekelayo
Ningikhulekele ngize ngizikhulekise ngingekhulekiswa
Ngikhuleke ngize ngikhululeke emoyeni
Ngikholiwe ngimele ngikhuleke
Kuze kukhululeke ezikamoya njengo khululekile
Ngikhululekile ngaze ngakhula ngikhululekile
Lokukhululeka okukhukhula izinto zesitha
Kugqashula amaketango esitha
Kunyakaziya umhlaba ohlabayo ngokuhlaba kwawo ngenxa yesitha
Isitha esingabonakali siyangisaba
Ngoba ngingu-Africa okhethiweyo ngizonqoba
Nginguye owasengadini yase Edeni kukhona konke lapha

Inyoka isafuna ukungidla
Iqonde futhi izithelo zami ezinhle engizithelayo
Ngiyathela uyathatha ngesandla sesinxele akabongi
Uvela esizweni sasenxeleni akabongi
Uzibonga yena akabongi
Uyabanga kuze kube umbango
Impi uyiphaka ngazo zonke izindlela
Uma endleni yempumelelo yami
Uyangithwalisa imithwalo yakhe
Akabongi nokuzisola akukho kuye
Nokuzehlisa akukho kuye
Usafuna okuningi kokuningi ufuna kuqeda ngami angishiye
Ngingelutho kade ngiwutho angishiye
Ngimile ngicabanga izinto eziningi
Engingenazo izimpendulo zazo kodwa lezi enginazo ezazo angizinakanga
Nginake okunye kanti inyoka izozenza umngani wami
Izobulala ubudlelwane nami ne-Africa
Izobulala ubumina ingidlalisa ngamagama amnandi ilangazela
Ilangazela okwami kuze ikuyise kwabo kuyokhanyisa
Iyovusa okwakubo ngokwami ingishiya nezimpi eziphekwa wuye ngamabomu
Ungishiya ngiphenduka ihlazo ngingelona
Abukisise ngokuhlupheka kwami kumabonakude
Kubone nabakude basho kuthi izolo kade sindawonye
Singabangani ikhohlisana ihlomile
Kuvela konke okuhle
Kanti nokubi akubonakali kalula ebuhleni
Ububi buyahlobiswa ngobuhle obuningi
Kanti kuzokwenza umonakalo omuningi
Kushiye abaningi bekhala bengezithulisa ngoba sekushaye kwazwela
Ukubazwela kungasekho ngoba okukhona
Sekungakona okwakhona nokwakhona kungasakhona okwakhona
Inyoka ifike engadini yasishiya sisengadini yase Edeni sihleli

Silambile engadini sikhohliswe inyoka
Yathatha ukudla kwezizukulwane yahamba nakho yakusa kubo
Yanotha yaze yadlodlobala kubo
Simile silindile sikhohlisiwe saze sakhohlwa
Sikhohlwe nayimvelaphi yethu
Sakhohlwa nangamandla ethu
Saba abazibukela phansi nabaphansi bayamangala ngathi
Sibe yihlazo singeke sazihlanza ngokungcola
Ihlazo liphila kuthina sidinga ukuhlanzwa
Ingaphakathi lethu ligwele inkohliso yenyoka
Ingaphakathi lingevele ngaphandle siyothuka size sithuke

Inyoka iveza okuhle ize intshontshe ubuhle bethu
Isithuke nangebala lethu
Isithunaze isithunzi size singasazi nezazi zingasazi
Ngoba silahle izimpande zethu ngeke sazi
Siyozazi mhla sebuyela ezimpandeni zethu