Bengimthanda
Kodwa udlalile ngothando lwami
Uyiphulile inhliziyo yami
Wathola abangcono kunami
Engani wangithembisa themba lami
Wathi mina nawe together forever, wathi kimi I’m your ride or die
Kodwa namhlanje I’m dying alone

Hawu bengingazi ukuthi uthando luyisilima kanjena
Bheka namhlanje ngikhala ezinjani izinyembezi
Cha bengikuthandile ngisho ukuthi bengimthanda
Kodwa uwuphulile umoya wami
Ngaphenduka inhlekisa emphakathini
Hawu kodwa themba lami ungenzani

Ngizwile kuthiwa lelo blesser lakho likuthengele umuzi nemoto.
Mmm … Banenhlanhla abanye abantu
Nami sengiyazibuza nje ukuthi ngabe eyami yini lengane esinayo?
Umfazi akaziwa kodwa yena bengimthanda.