Bantabami ngicela nisondele nganeno
Bantabami ngifuna nivul’ izindlebe ningizwe
Min’ eyami imihla isimifishane
Angisenakh’ ukuphila isikhathi eside

Bantabami ngifun’ ukuthi noma ngihlulw’ ukufa kungihlule nizwana
Ngifun’ ukunishiya nibambisene
Ngifisa sengath’ omunye engakwaz’ ukunaka omunye
Lapho ngiyohamba ngijabule
Ngiyowela kwelam’ ithuna ngijabule

Uma ningezwan’ ubani engiyomunika lesi sipho sami
Uban’ oyofana nenhloko yaleli khaya?
Uban’ oyovikela umuzi?
Bantabami sekuyis’ isikhathi sokuguquka
Ngokwenza kanjalo ngiyokwandis’ izinhlanhla kini
Ngiyophenduk’ idlozi elihle