Babezitshela ukuthi bayangihlupha empilweni kanti ababuzanga elangene bangenza lomuntu engiwuyena namuhla
Babengivusa ekuseni kusempondo zankomo lapho kusalele isithwathwa ezintabeni kanti ababuzanga elangeni bangifundisa ukubhekana nobunzima bempilo yasekuseni
Lapho ngobuya seliyozilahla konina ilanga kanti nalapho ababuzanga elangeni abazi bangifundisa ubunzima bokubhekana nenkemane usuku lonke

Babethi bayangihlupha bona
Kahle namuhla nginjena nje ngabo ngokungihlukumeza kwabo
Nginomunyu wokubabonga ngibabongela ukungihlupha kwabo bengenza lomuntu engiwuyena namuhla
Kodwa usathane ubuye adlale eyakhe indima enhlizweni yami
Namuhla ngikwazi ukuzimela
Namuhla ngikwazi ukuzenzela
Namuhla ngikwazi ukuvuka kungakakhali ngisho iqhude lasekuseni
Lapho ngoze ngikhokhe umoya liyobe selimathunzi ilanga ezintabeni

Ukubonga kwami kuhambisana nezinyembezi lezo zinyembezi akuzona ezenjabulo ezosizi Ngikhumbula emuva la ngiphuma khona ebunzimeni
Ngabe ngithi nikwenze nakwabanye lokho kodwa cha angisoze ngakusho lokho kanjalo Ngoba akuyona impilo eyayingaphilwa umuntu ophilayo leya eyembongolo uqobo lwayo

Babethi bayangihlukumeza bona
Kodwake thula nhliziyo yami uphakele ingqodo leso sifundo uyeke ukubalisa