Baba wabantwana bami
Baba wezingane zami
Mgijimisi wemizwa yami
Mjabulisi wenhliziyo yami
Mgculisi womphefumulo wami
Yikuphi lapho engikone khona?

Egameni lothando wangikhipha ekhaya
Wangikhipha ekhaya elalinemfudumalo
Wangithembisa izulu nomhlaba
Wangithembisa uthando, imfudumalo nenjabulo
Wawuzenzelani izithembiso owawungeke uzifeze?
Yikuphi lapho engikone khona?
Ukuthi ungaze ungiphathe kanjena?

Mihla namalanga ngiyakhala ngikhihla esikaNandi
Usizi seluyazenzela kimi
Ngizothi webani?
Kusabele bani?
Ngubani ongangikhipha kulolu bishi?
Akusilo uthando phela lolu!
Uthando olunjani lolu?
Uthando lwezinyembezi!?

Kuwe sengaphenduka into yesibhakela
Ungishaya mihla namalanga
Ukuthula angisakwazi
Mihla namalanga, ungibheca ngobende lwenyama engingayidlanga
Ungibiza ngamagama ehlisa isithunzi
Ekazi lona lelifindo uyalihlonipha na?
Noma ngumdlalo nje kuwe?