Ngikhumbuleni ngemisebenzi yami emihle
Ngikhumbuleni ngezenzo zami
Ebezinezithelo nenqubekela phambili
Bizanโ€™ izimbongi zizongihaya kuhle kwenkosi ekhotheme
Bizani ubaba uSibiya iqhawe lami lasemhlabeni

Uyinkakha ekubhaleni
Fundani umbhalo wakhe othi โ€˜Bengithi Lizokunaโ€™
Niwufunde kahle ningangingizi
Niwufunde ngesineke nothando
Niwubeke phezu kwebhokisi lami

Ngikhumbuleni ngamaloba ami
Engiwashiyilโ€™ ezimpilweni zenu
Nibeke zonke izincwadi engiyobe sengizilobile
Ngifuna zibe yingqumba eduze kwami
Ngikhumbuleni ngokuba iciko

Uma seningipha izipho zokugcina
Ucansi lungasali ukuze ngihlale phansi ngibhale
Nihlome ibhuku nepeni enhla kwekhanda lami
Ukuze ngingabi nomzwangedwa
Ukubhala iyona mpilo yami
Kusho ukuthi kuyophinda kube ngukufa kwami
Uma seningembulela itshe
Nibaze okusancwajana nikubeke eduze kwami.

Ngiyobe sengilala ngokuthula
Ngiyohamba ngijubalale
Angeke nginihluphe ngisho nangamaphupho
Ngoba ngiyobe ngibhala ubusuku nemini
Ukubhala akusoze kwangihlubuka
Ngiyofa ngivuke nakho