Kwamhlaba sengaba yinhlaba
Emile endaweni enokhula
Lapho abahlali bakhona bengenandaba
Noma ngiyafa noma ngenzani mangizama ukukhula
Ngincamile ukuzenwaya amanxeba
Yize kunzima amahansi engihleba
Kodwa ngaba nenqubo nje ukuthi ikusasa lami ngizolihlela
Kumnyama kubomvu
Angizukusindwa umthwalo wami ngingendlovu

Lude ukhalo esengiluhambile
Ziningi nezinyembezi engizikhalile
Kodwa ithemba lona kangililahlile
Yize okwamanje kusemnyama kusahlwile
Kodwa ngiyazi kuyaye kubemnyama kakhulu uma sekusa
Nami zizokhanya ezami masekusile
Okwamanje akekho namunye owaziyo ngami

Ngifana nesihlamva sona esidliwa zinkukhu
Nginyathela kudaka oluvinjwe izinhlanga nezinkungu
Kodwa ngoba ngiyazi ngiphokophelephi
Umdali uyazi kungani ngiphila lempilo
Ngiyinhlayithileka nje
Nomndeni wami sewungijikele
Abangani bami bangifulathele
Ngibona ngathi kwaNkulunkulu wami ungidubile

Sengike ngilale ngilambile
Kungekho nanto ethunjini
Nempahla yami seyidabukile
Sengivele ngayinkomo edla yodwa ezaleni
Nomphangazana sewungigqeme inkamba beyibuza elundeni
Ngize ngifise ukube nowami usangithanda umndeni
Ngabe kanginawo wonke lamanxeba ezandleni
Ukube umdali wami usenami
Ngabe nami ngisukuma ngokusho ukuthula ebandleni

Inhliziyo yami seyaklebhuka ngaphela nasozwaneni
Ingqondo yona sekungathi kayisathathi kahle
Ngoba seyakladuluka kwananela nasekujuleni
Somandla ngizamile ukubukela entuthwaneni
Kodwa ngenxa yeminjunju ingishiyile endleleni
Ngenxa yezidubulo sengibuthakathaka nasemzimbeni
Kodwa nkosi yami emhlabeni ngenzeni
Kungani ngiphile lempilo yokujeza
Ekubeni nami ngisenesifiso sawami amaphupho ukuwafeza

Akekho namunye owaziyo ngami
Sengaphenduka umhambuma
Ngajuba ikhaya ngahlala emgaqweni
Ngoba nendlela eya ekhaya seyilandule
Ngagcina sengilahleka nasekuthembeni
Yingakho ngithi ngalentambo sengiyazibophela entendeni
Sekungukufa kuphela esengisele nakho emhlabeni
Nesono sokuwuthatha lomphefumulo ezandleni
Uze usithethelele nalesi sihlahla ezonweni