(US’yabonga ulindele umfowabo omdala ozobona okokuqala ngqa kulepaki…. Ubona uZinhle ngaphesheya.)

S’yabonga: (ememeza) Zinhle? Zinhle!

Zinhle: (eqalaza) Yebo S’ya uyangibiza?

S’yabonga: Yebo sondela sikhulume.

Zinhle: (asondele) Kulungile.

S’yabonga: Kunjani Zinhle? Awu ubuyenini eGoli, ngoba ngezwa ukuthi igoli nawe sekuyinto eyodwa.

Zinhle: (emoyizela) Awu S’ya, angithi uyazi nawe lapha emakhaya impilo ibuye ibe lukhunyana. Ngibuye izolo.

S’yabonga: Manje ubuyela nini kwaNdongazibomvu? Ngoba phela mina bengafisa ukuchitha isikhathi sami nawe nje, kungagcini lapha namhlanje kodwa kube ngaphezulu.

Zinhle: (eshalaza) Okwamanje angazi ukuthi ngihamba nini S’ya, kodwa ngokwazisa maduze ngalokho. Akewusho wena kuhamba kanjani eskoleni? Kwazise phela nemiphumela iphumile ngoba nisemaholidini.

S’yabonga: Ngipasile Zinhle noma ke nje ngingenzanga kahle ngendlela ebengifisa ngayo.

Zinhle: Ay kanti uma ukwazile ukuthi uphumelele, kulungile khona lokho inqobo nje uma uzokwazi ukufaka umfutho omkhulu kunalowo uzokwenza kangcono kakhulu esigabeni esilandelayo.

S’yabonga: Ay uma usho kanjalo Zinhle, nami ngiyathemba ngoba vele akukhona ukuthi ngifeyilile.

Zinhle: (embuka) Kodwa ngoba ubukeka ungeneme neze nje S’ya iziphi kanti izifundo ongenzanga kahle kuzo?

S’yabonga: Eish Zinhle i maths ne physics ngiyazama ukuchitha isikhathi esiningi kuzona, kodwa akufiki lapho engifisa khona. Ukuthi nabantu abafundisa lezifundo, ayi nginokungabaqondi nje kwesinye isikhathi.

Zinhle: Hawu! (emduduza) Kuzolunga S’ya. Ngabe kanti uThusini no Mr Mthembu sebayishintsha yini indlela abafundisa ngayo?

S’yabonga: (ekhathazekile) Cha Zinhle, akukhona lokho. Ukuthi nje mhlampe indlela abenza ngayo akuyona engenza ngikwazi ukufundiseka kalula.

Zinhle: Kulungile S’yabonga, ngiyakuzwa.

S’yabonga: Hawu! Zinhle cishe ngakhohlwa, awungipha inamba yakho ukuze ngizokuthinta noma nini uma ngifisa ukukhuluma nawe.

Zinhle: Kulungile (amnikeze izinamba). Yiyo inamba yami leyo. Nami angiphuthume, umama ungilindile ekhaya kumele siye edolobheni (avalelise).

S’yabonga: Ngiyabonga Zinhle, sesoxhumana ngocingo uhambe kahle.

(Ahambe uZinhle amugqolozele njalo uS’yabonga kuze kube uyosithela uZinhle. Kusemini usalindile uS’yabonga epaki lapho amele khona umfowabo.)

S’yabonga: (ekhuluma yedwa) Mmmh ngabe ngempela uZinhle uthathekile yindlela engikhulume kahle ngayo naye, noma uyazenzisa nje? Kuyozwakala kodwa khona kubukeka ethathekile impela.

(Kukhale ifoni khona manjalo.)

S’yabonga: Hello. Ubani engikhuluma naye?

Zakhele: Hawu! Yimi awungizwa?

S’yabonga: (ejabula) Awu uwe mfwethu? Usukuphi? Kade ngikulindile lapha.

Zakhele: Ngingasebhulohweni mfwethu, shesha uzongilanda.

(Akhuphuke uS’yabonga eyolanda umfowabo.)

Zakhele: Hawu! Mfwethu kunjani kodwa? Usukhule kangaka? Banjan kodwa ekhaya?

S’yabonga: Ya khona mfwethu sekukhulekile, cishe nomakoti useyafuneka (bahleke baqhubeke bebheke epaki).

Zakhele: Manje mfwethu kanti iphi lepaki yodumo ohlale ungixoxela ngayo? Phela sengifisa ukuyibona. Indlela oyaye ukhulume ngayo ngalepaki ngathi kusemphelandaba.

S’yabonga: (ehleka) Sekusondele mfwethu, cha khona bafo kunjalo ipaki ehlukile le. Ngoba uma ufuna intombi ilapho ezitholakala khona phela kulapho zichitha khona iskhathi esiningi ngaba nje kungamaholidi.

Zakhele: Ayi mfwethu, kuyozwakala. Mina ngiyazifikela entombini bafo nawe uyazi kuthi makukhulunywa ngami kukhulunywa ngobani.

S’yabonga: Nansi ipaki bafo lapho izinsizwa nezintombi ziyaye zichiphatheke khona uma zisuke sezijola noma kushelwana.

Zakhele: Ya bafo indawo ethule kahle, impela uzwa umsindo wezinyoni unkeneneza kamnandi lapho mawuhleli nesithandwa sakho isizungu asibibikho nhlobo.

S’yabonga: Uqinisile bafo, kodwa manje sekumele sinyukele ngasekhaya sobuya ngezikhathi zantambama lapho izintimbi zobe sezichithiwe bafo.

Zakhele: Kulungile ngoba nakhu kusenje. Asenyuke bafo angisabazi nasekhaya.

(Kusekhaya kwaMnguni uZakhele no S’yabonga basegunjini lokulala bayaxoxa).

Zakhele: We S’yabonga mfwethu, uphi uPhilile mfwethu? Nansi lentokazi engangithandana nayo kudala ngisafunda iskole?

S’yabonga: Ukhona usagana loyo engani ugane kwaMkhwanazi ugane uSbu lowayephasa kakhulu ngenkathi usafunda.

Zakhele: Hawu! (ebabaza) USbu wagcina ngokumthatha ngempela uPhilile wami madoda? Kodwa akusenani ngoba nami ukhona umuntu engiphilisana naye, angingedwa.

S’yabonga: Ya bafo kunjalo nje okomuntu egula mfwethu.

Zakhele: Ngiyakuzwa bafo. Manje wena uphi uNomzamo wakho mfwethu?

S’yabonga: Awu iyeke leyo bafo. Leyangane yangilaxazisa okwamafinyila mfwethu.

Zakhele: (ebabaza) Hawu! Kanjani kodwa bafo ngoba uNomzamo wayebukeka ekuthanda nje impela?

S’yabonga: Ya khona kunjalo bafo, kuthi angazi yini eyangena kuye wahamba nalama blesser akhona mfwethu.

Zakhele: Ay bafo sokhuluma ekuseni ngiyalala mina manje.

(Bacishe ilambu balale)

***