Emini kwaXulu

MaDlamini: Nangu uBusisiwe useyaqhamuka. Ungayilwisi ingane baba.
Vusi: MaDlamini ngizozama.
Busisiwe: (Engena endlini ahlala phansi) Sanibonani Malume nawe mama.
MaDlamini: Sivukile Busi.Thatha nasi isiphuzo wehlise lokushisa.
Vusi: Busisiwe yini eyenza ukuthi uhambe lana ushiye unyoko eyedwa?
MaDlamini: Hhawu baba! Kanjalo nje?
Vusi: Busisiwe ngiphendule!
Busisiwe: Malume nami bengithi ngiyozakhela impilo nobaba wezingane zami.
Vusi: Qhubeka!
Busisiwe: Ngahamba lana vele sengizethwele malume.Umama bekangathandi ukuthi ngazethwala ngingakashadi wayesethi ngikhethe ukusikhipha isisu sami noma ngihamba kwakhe.Mina ngakhethe okwakufanele izingane zami ngahamba noThemba.
Vusi: Hhayi! Ngiyala! Angeke akwenze lokho udadewethu! Umdelela noma aseshonile! Uhlaza wenangane!
MaDlamini: Hhay’bo! Imihlola! Ubekwa yini pho lana?
Busisiwe: (Ekhala esikaNandi) Ngiyathakathwa ma!Ngithakathwa umama kaVusi! Ngike ngagula isikhathi eside ngingakhoni ngisho nokudla ngenxa yamamezala wami. Ngahamba odokotela abaningi kodwa lutho ukuthola usizo ngagcina sengiye esangomeni esangichazela konke ngezenzo zamama Themba wabese ethi kumele ngihambe ngiyohlala kwenye indawo yena angsaziKhumbuli isikhashanyana.
Vusi: Hhayi! Ayikho lento oyikhulumayo Busisiwe! Ngikunikeza ithuba lokuthi uzochaza udaba lwakho kodwa wena ukhetha ukubeka udadewethu icala! Sengikhathele ilamanga wakho (Ephuma eya ngaphandle elandelwa uMaDlamini)

***